UMthetho wokuGqugquzela ukuTholakala koLwazi, Unombolo-2 ka-2000 ("uMthetho") waqala ukusebenza ngomhla ka-9 Mashi ka-2001, unikezela ilungelo lomthethosisekelo wokuthola noma yiluphi ulwazi olugcinwe yinoma yiluphi uhlaka lomphakathi noma oluzimele oludingeka ukusebenzisa noma ukuvikela noma yimaphi amalungelo. Lapho kwenziwa isicelo ngokuhambisana noMthetho, uhlaka okwenziwa kulo isicelo, lucindezelekile ukukhipha lolo lwazi, ngaphandle kwalapho uMthetho usho ngokusobala ukuthi lolo lwazi lungakhishwa noma lungekhishwe.
UMthetho uveza imibandela mayelana nezinqubo ezidingekile mayelana naleso sicelo. Lo mqulu uhlose ukuggqugquzela isikothi lokusebenza ngokusobala kanye nokuvuleleka eMnyangweni wezoHwebo neziMboni (i-DTI) ngokunikezela ilungelo lolwazi oludingekela ukusebenzisa nokuvikela amalungelo omuntu noma inhlangano. Ukuze kugqugquzelwe ukuphatha ngokuyikho izinhlaka zomphakathi, kubalulekile ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uyazi futhi ufundisiwe ukuqonda amalungelo abo mayelana noMthetho.
Nangendlela elinganisa lelo lungelo kanye nanoma yimaphi amanye amalungelo, kuhlanganisa nalawo malungelo aqukethwe eMqulwini wamaLungelo kuMthethosisekelo.
Isigaba-14 soMthetho silayela izinhlaka zomphakathi ukuba zihlanganise umqulu ozosiza ukuthola ukufinyelela ulwazi olugcinwe wuhlaka lomphakathi futhi lumisela izidingo eziphansi okufanele umqulu lowo uhambisane nazo.
I-dti izinikele, nokho, ukusebenza ngokuvulelekile, ngazikhathi zonke futhi inikezele ngolwazi lwamahhala emphakathini wezamabhizinisi, amakhasimende kanye nomphakathi ngemibhalo, izaziso, i-iWebhusayidi kanye nesikhungo solwazi.
Lo mqulu wenzelwe ukuhlinzeka lowo ocelayo, ngokusebenzisa uMthetho, ngemininingwane yokuxhumana edingekile, kanye nezinqubo zokuthola ulwazi okuthile kwi-dti.
Umqulu uphinde uzinikele ekuhlinzekeni lowo ocelayo ngesithombe esiphelele mayenala nokwakheka, imisebenzi, izinsiza kanye nokuhleleka kolwazi nge-dti ukusiza lowo ocelayo ukuhlonza indawo lapho lungatholakala khona ulwazi.
Umqulu uphinde uhlinzeke ngamafomu adingekayo kanye nezinkokhelo ezikhokhwayo ngesicelo solwazi.
Okungenani amaphesenti angu-40 esabelo sezimali ze-dti sedluliselwa kwinxanxathela yezikhungo ezisemthethweni ezakha ithimba le-dti. Umkhandlu wezoKhungo zoHwebo kanye neziMboni (i-COTII) wasungulwa, uhlanganisa iBhodi yokuPhatha ye-dti, iziKhulu eziPhethe kanye noSihlalo bezikhungo ngasinye ukuqinisekisa ukuhleleka ngendlela kwemisebenzi yethimba le-dti kanye nezinjongo zoMnyango.
Lomqulu uhlinzeka kuphela ngamarekhodi e-dti, hhayi awethimba lezikhungo ze-dti (i-COTII) Noma yiziphi izicelo zokuthola ulwazi, kunoma yiziphi izikhungo ze-dti kufanele ziqondiswe esikhulwini solwazi saleyo nhlangano.
Ikhomishani yezokuncintisana kanye nesigungu sokulamula imibango yezokuncintisana kugqugguzela isimo sokuncintisana, iphenye futhi ibhekane nezenzo ezingahambisani nokuncintisana, futhi yandise ukugxiliswa kwezomnotho ezimakethe ezihambisanayo ngokoMthetho wezokuNcintisana ka-1998.
Yasungulwa ngo-1945 kanti njengamanje ilawulwa ngokoMthetho woMkhandlu wezokuCwaninga ngezeSayensi nezeziMboni ka-1998, uMkhandlu wezokuCwaninga ngezeSayensi nezeziMboni uzinikele ngokuhlinzeka ngezithombululo zobuchwepheshe kanye nolwazi ukunikelela ekuhlangabezaneni nezidingongqangi zenhlalo nezomnotho zikazwelonke. Injongo yenhlangano ngukwakha ulwazi olufanele oluzohlinzeka iNingizimu Afrika ngamakhono ezobuchwepheshe adingekile, kanye nokugqugquzela nokuthuthukisa isikompilo lezesayensi nobuchwepheshe namakhono. Umkhandlu uzinikelele ekuholeni ukwaziwa kobuchwepheshe kanye nokwakha ukuxhumana okuqinile phakathi kwabasebenzi kanye nezobuchwepheshe.
Isikhungo sokuThuthukisa iziMboni nesiphethwe nguHulumeni ngesokubolekisa ngezimali ezigqugquzela ukwakhiwa kwamabhizinisi ngokwakhiwa kwezimboni nezinkampani ezisebenza ngokuncintisana ezimiselwe emigomweni ephusile yezamabhizinisi. Isikhungo silawulwa yizimiselo zoMthetho weSikhungo sokuThuthukiswa kweziMboni ka-1940 njengoba uchitshiyelwe kanye nezingxenye ezithile zoMthetho weziNkampani.
IKhula yasungulwa ngo-1996 futhi igxile ekuqinisekiseni ukutholakala kalula kwezimalimboleko kanye nezimali zokusungula izinkampani ezincane kanye nezimaphakathi nezinkudlwana.
Ngokunikezelwa ngqo kweziqinisekiso kanye nezimali zokusebenza ezinkampanini ezincane, ezimaphakathi nezinkudlwana.
IKhula ibhaliswe njengomshwalense ngaphansi koMthetho wemiShwalense futhi ilawulwa yiziqondiso zeBhodi yemiSebenzi yezeziMali. Uphiko lwesiqinisekiso sayo sokubolekisa ngezimali luhlale lucwaningwa minyaka yonke ngokwezimali njengoba kumiselwe yiiBhodi yemiSebenzi yezeziMali ukuze kuhlonzwe izinga eliphakeme lemali engabolekisa ngalo.
UHlaka lukaZwelonke lokuHlanganisa iziKhungo zokwaluleka ngemiKhiqizo luhlinzeka izimboni ezikhiqizayo, ngolwazi kanye nemisebenzi yokuthuthukiswa kwamabhizinisi ahambelanayo ngokwezinhlelo eziningi zokwesekela izinkampani ezincane, ezimaphakathi nezinkudlwana.
IBhodi yasungulwa ngokoMthetho kaZwelonke wokuGembula ka-1996 ukuze ilawule ukugembula, ihlinzeke ngezeluleko kuzwelonke.
Umthethosivivivnyo omusha wezotshwala ka-1998 waphasiswa yisiShayamthetho sikaZwelonke ngo-1998, nokho wedluliselwa kunKantolo yoMthethosisekelo nguMongameli ngenxa yemibuzo mayelana nokuvumeka kwawo ngokomthethosisekelo. Umthethosivivinyo uhlose ukumisa kabusha imboni yezotshwala ngokwethula uhlaka lwama layisensi oluzigaba zintathu; ngokusungula iKomiti likaZwelonke lokweluleka ngezoTshwala, Inhlangano kaZwelonke yokuLawula ezoTshwala, isiGungu sokwaDlulisa sikaZwelonke, izinhlangano zokulawula ezetshwala eziyisishiyagalolunye zezifunda kanye namaqoqo okwedlulisa izikhalo ayisishiyagalolunye ezifundazwe; kanye nokuhlinzeka ngomhlahlandlela wokulawula ukwenza lula ukufinyelela kanye nokuhlomula kanjalo nobhekelela amaphuzu enhlalo, omnotho kanye nezempilo.
INtsika yamiselwa ngaphansi koMthetho kaZwelonke wezamaBhizinisi amaNcane ka 1996 njengenkampani yesigaba-21 yokuhlinzeka ngemisebenzi yokwesekela okungeyona eyemali kumabhizinisi amancane aphakathi namakhudlwana. INtsika ihlinzeka ngokutholakala kokuqeqeshwa, ulwazi, ukwazi ukwenza umsebenzi, ukwaluleka, izimakethe kanye nobuchwepheshe.
INhlangano yamaZinga ilawula uMthetho wamaZinga, Unombolo-29 ka-1993, ogqugquzela ukufaniswa kanye nokulawula ikhwalithi embonini nakwezohwebo futhi iphinde iqaphele ukukala kwezimboni kanye namazinga.
hlinzeka ngobuholi emnothwni waseNingizimu Afrika ngokuqonda kwayo umnotho, ngolwazi lwayo lwamathuba omnotho nokungenzeka, kanye nokubhekelela ikusasa.
ba ngumgqugquzeli woguquko kanye nokuthuthuka komnotho kanye nokusukumela izinselele namathuba ezakhamuzi ezibambe iqhaza emnothweni, ukuze kwesekelwe izinjongo zikahulumeni zokuthuthukisa umnotho, ukwakha amathuba emisebenzi kanye nokulingana.
sukumela izinselele kanye namathuba emnothweni kanye nasemphakathini.
hlinzeka ngesimo esingaqagula esinokuncintisana, esinokulingana kanye nesiyiso ngokwenhlalo yomphakathi ukuze kube nokutshalwa kwezimali, imisebenzi kanye nohwebo.
Ngukwandisa umnikelo wezinkampani ezincane kwiGDP.
Ukwandisa izinga lokutshalwa kwezimali ngqo emnothweni kanye nasemikhakheni ebekwe phambili.
Ukwandisa amathuba ezinkampanini zaseNingizimu Afrika okuthengisa imikhiqizo nemisebenzi ngaphandle kwaleli.
Ukubamba iqhaza ekwakhiweni kwamakhono, ezobuchwepheshe kanye nezikhungo zengqalasizinda izinkampani ezingahlomula kuzo.
Ukumisa kabusha umnotho ezigabeni ezinembuyiselo enkulu emikhiqizweni kanye nasemisebenzini edinga ulwazi.
Ukunikelela ngokuhlinzeka nokutholakala kwamathuba okusobala kanye nokulula ukubhekelela izakhamuzi ezibambe iqhaza emnothweni.
Ukufukula umnotho wesibili ngokwandisa amathuba emisebenzi kanye nokuhlomuliswa kwabantu abamnyama ababencishwe amathuba phambilini ukunqoba izinkinga ezihambisana nobubha kanye namathuba ancishisiwe.
Izigaba ezesekelayo, ezihlinzeka ngemisebenzi yokwesekela ezingxenyeni ezenza imisebenzi ethize.
Izigaba ezakha inqubomgomo, zigxila ekwakheni izimo eziyizo emnothweni.
Izigaba zokuhlinzeka ngezinsiza, zithintana ngqo nezinkampani kanye namakhasimende ngemikhiqizo kanye nemisebenzi.
Isigaba sokukhangisa, okumsebenzi waso ngukukhangisa nokwazisa ngemikhiqizo ye-dti (izinhlelo nezinsizo) neqinisekisa ukuthi osomabhizinisi namakhasimende bayazi ngamalungelo abo ezomnotho.
Izinhlelo zemiSebenzi kanye nokwesekela iThimba.
Ukumisela isimo sokulawulwa kwamabhizinisi nesigqugquzela izimakethe ezincintisanayo, ezingenzeleli, ezisebenza ngokuyikho nokusobala kubobonke ababambe iqhaza emnothweni ngokuhlale kubuyekezwa inqubomgomo kanye nomthetho, kanjalo nokugqugquzela ukuthotshelwa komthetho olawulayo ngokufundisa kanye nokuphoqelelwa okusebenzayo.
Ukugqugquzela ukumiselwa kwabusha komnotho waseNingizimu Afrika ngokufaka ugqozi ekutshalweni kwingqalasizinda, ukuthuthukiswa kwamakhono abasebenzi, ukwakha okuhlanganisiwe kanye nemisebenzi encikile, ukuthuthukiswa kwamabhizinisi amancane, izifunda ezithizeni, ubuchwepheshe nokusungula.
Leso naleso sigaba se-dti selizisungulele isu lesikhashana nelimisela umnikelo waleso sigaba ekuzuzeni izinjongongqangi eziphusile ze-dti. Le miqulu enemininingwane eminingi iyatholakala uma uyicela, nokho-ke akunakwenzeka ukuthi unikwe okuningi ngaphandle kwembuyekezo eqaphuzayo ngeqhaza lesigaba ngasinye kulomqulu.
Injongo ye-ERPC ngukumisela i-dti njengezwi eliqinile emnothweni wangempela ngokuhlinzeka ngohlaka olulodwa lobuhlakani bepolitiki yomnotho, ukucubungula futhi ngokuphatha ngokubambisana, ixoxisana ngokwakhayo nohulumeni wonke kanye nabanezabelo ukuqinisekisa ukuthi inqubomgomo ihlangene futhi iyesekelana ekusebenzeni okuphusile.
Ngokwenza ngcono ukuhlangana kwenqubomgomo nokuqinisekisa ngaphakathi kwi-dti ngokuhlinzeka ngokuhlaziya nokwaluleka kwezinga eliphezulu ukubhekela amaphuzu aphusile enqubomgomo ethinta imikhakha eyehlukene.
Ngokuqinisa ukusebenzisana kwezokuphatha ngokuhlanganyela nezinhlaka ezifanele mayelana nezindaba zentuthuko.
Ngokunikela ngokwakha ubudlelwano bokuvumelana emphakathini ngezinqubomgomo zezohwebo nezimboni kulabo abaneqhaza.
Ukuhlaziywa kwenqubomgomo, uphenyo kanye nezibalo.
Isigaba sokusebenza sokuhlelwa kwenqubomgomo (Ubudlelwano nezangaphandle) sihlose ukusebenzisa ozakwethu abaphusile ekwesekeleni izinjongo ze-dti. Ngokusebenzisa izinhlelo zobudlelwano phakathi kukahulumeni kanye nobudlelwano nabanamaqhaza, Isigaba sibheke ukusebenzisa izinhlelo ezihlelekile zokubonisana ukuze kwenziwe ngcono uhlelo lokuthathwa kwezinqumo ngokuhlinzeka ngolwazi lwezinga eliphezulu. Lokhu kunganikelela ekuphuculweni kwenqubomgomo phakathi kozakwabo bomnyango kanye nabaneqhaza.
Isigaba sokuhlaziywa kwenqubomgomo, uphenyo, izibalo kanye namamodeli amabhizinisi sihlanganisa ukuhlolwa kanye nokutolikwa kolwazi olungahlungiwe kanye nolunye ulwazi, lolubili oluyikhwalithi kanye nolungumthamo, ukuhlinzeka ngokuqonda ukuze kuphuculwe ukwakhiwa kwenqubomgomo kanye nokuphakelwa kwemisebenzi. Umsebenzi walesi sigaba ngukuhlinzeka indawo eyodwa ngokumayelana, okokuqala, ngokuhlinzekwa kophenyo nokuhlaziya okunomfutho nokujulile; okwesibili, ukuhlinzekwa kolwazi olungahluziwe lwezibalo olwethembekile nolungathenjwa.
Umsebenzi we-EIDD ngukuhlinzeka ngobuholi ekwenziweni kwezinqubomgomo namasu akha isimo sokusebenza esivumela ukuncintisana, ukulingana kanye nokwakhiwa kwamabhizinisi.
Ukuba nethonya ekwakhiweni kwamakhono, ubuchwepheshe nengqalasizinda.
Ukukhomba indlela kwinqubomgomo yemikhakha esafufusa kanye nokumiselwa komnotho ezingxenyeni ezimandla ukuze kube nokuncintisana.
Isigaba sokuncintisana kwamabhizinisi sibhekele ukwenza ngcono ukuhlangana kwenqubomgomo yokuncintisana ngokuphusile kanye nesu lokuvula amathuba asenzansi kwizinxanxathela zokusebenza ukugqugquzela ukuncintisana embonini.
Isigaba sokwakhiwa kwamabhizinisi sibhekele ukwakha isimo esivumela amabhizinisi amancane, afufusayo, aphakathi nendawo kanye namalima ukuba anikelele eSwini lokuGqugquzela ukuKhula (i-GDP) likazwelonke. Lesi sibopho sisho ukwenziwa kwemihlahlandlela yezomthetho, izinqubomgomo, amasu kanye nezinhlelo okuqondwe ngazo ukwehlisa izithiyo ekungeneni kanye nasekufakeni ugqozi lokubamba iqhaza kwalamabhizinisi kuyo yonke imikhakha yomnotho.
Isigaba sokulinganisa nokuhlomulisa singumvuli mathuba okuhlomulisa ngokubanzi ngamathuba ezomnotho, ngokuhlinzeka ngomhlahlandlela, amasu kanye namamodeli okumisela. Lesi sigaba sokusebenza sizogxila ekwakhiweni kwezinqubomgomo kanye nasemaswini kuba bambi beqhaza abangajwayelekile kwezomnotho futhi sizozinikela ekubhekeleleni kakhulu nasekusizeni ngokobulili, ubuhlanga kanye nasezindaweni lapho lezo zinhlangano zikhona kanye nasemiphakathini.
Injongo ye-ITED ngukuqinisa amaxhama ezohwebo notshalo zimali neminotho eqavile emhlabeni kanye nokuthuthukisa ukuthuthukiswa komnotho ngokuxoxa izivumelwano ezivunayo zezomnotho, ukwesekela uhlelo lwezohwebo oluqinile, olulingene futhi olunhlobonhlobo kanye nokuqinisa ukuxhumana komnotho ezwenikazi ngaphansi komhlahlandlela we-NEPAD.
Isigaba sokuPhatha uHwebo namaBhizinisi angaphandle sibhekene nokuphatha izivumelwano zezohwebo osekuvunyelwene ngazo nozakwethu abehlukene bezohwebo. Kubhekeke ukuba uMqondisi oMkhulu, oyobe esekelwe ngabasebenzi bokwengezelela, ahole lesi sigaba. Umsebenzi wokuqala walesi sigaba ngukuba sihlahle imisebenzi nezinhlaka zaso, kulandele ukukhangisa nokuvalwa kwezikhala zemisebenzi, uma uhlaka seluvunyiwe. Ngokushesha emva kokuba izikhundla ezimqoka sezivaliwe, isu lokusebenza eliphusile kofanele ukuba lakhiwe. Ngakho-ke, nangenxa yokuthi lesi yIsigaba esisha esisadinga ukumiselwa, akulula ukunikezela ngesabelo zimali esicacile noma ukusho ukuhlola kobungozi okwamanje.
Isigaba sokuThuthukisa uHwebo namaBhizinisi angaphandle, njengengxenye ye-ITED, sizama ukuqinisa amaxhama ezohwebo nezomnotho namazwe aqinile kwezomnotho, emhlabeni wonke kanye nasekugqugquzeleni intuthuko yezomnotho, ukuxoxa ngezivumelwano ezivuna leli kwezohwebo, ukwesekela uhlelo oluqinile, olulingene olusebenza ezinhlakeni eziningi.
Nguthuthukisa nokugqugquzela uhwebo phakathi kwamazwe ase-Afrika kanye nokuphucula amandla okukhiqiza nokuncintisana emazweni ase-Afrika, ngokugxila ekwandiseni ubumqoka kanye namakhono, imisebenzi yezobuchwepheshe kanye namazinga.
Ukusiza ekuhlonzeni izingqinamba zokuhlinzeka izimakethe zase-Afrika, kanye namasu okubhekana nazo, kuhlanganisa nokwakhiwa kokukwazi ukuzenzela.
Ukwandisa ozakwabo bezokuhwebelana kanye nezimakethe.
Ukunikelela kanye nokugqugquzela ukubonisana ohlelweni lwentuthuko yezwekazi ngokubhekelela ukuhlinzekwa kokukwazi ukuzenzela kuzo zonke izindawo.
Ukuhlinzeka ngobuholi, umkhombandlela wenqubomgomo kanye nokuhlanganisa ukusebenza kwabaneqhaza eNingizimu Afrika ekumiseleni izinhlelo ngqangi zezohwebo nezomnotho ze-NEPAD, ikakhulukazi izinhlelo ezifana nalezi: ukuFinyeleleka kweziMakethe, ukuHwebelana kwe-Afrika kanye nokusatshalaliswa kokuKhiqizwa kweziMpahla nemiSebenzi.
Inhloso ye-CCRD ngukwakha nokumisela iziqondiso zokulawula ezihlangene, ezazekayo kanye nezicacile ezihlinzeka ukutholakala kwezingcaciso kubatshali zimali, abatshali zimali namakhasimende futhi lokhu kuhlinzeka ngokuhlangana kanye nokucaca kwenqubomgomo, kanye nemisebenzi yokulawula esebenza ngokuyikho kwabamabhizinisi.
Isigaba sokuhambisana nomthetho nokuphoqelela umsebenzi waso ngukumisela inqubomgomo esuke yakhiwe yIsigaba senqubomgomo kanye nomthetho, kanye nokuhlinzeka umhlahlandlela olawula ukuphenya ngezamabhizinisi nokugqugquzela izimakethe ezinokuncintisana, ezingenzeleli futhi nezisebenza ngokuyikho futhi nokugqugquzela ukwethemba kubatshali zimali kanye namakhasimende.
Isigaba senqubomgomo kanye nomthetho sibhekene nokwakha kanye nokubuyekeza izindlela zokulawula ezindaweni zokuncintisana, zamakhasimende, izinkampani kanye nokukulawulwa kwamalungelo obuhlakani ezinkampani kanjalo nolawulwa kweminako yomphakathi.
Isigaba semisebenzi yokulawula sibhekene nokwakhiwa kokusebenza ngendlela kwezikhungo kanye nokuqapha nokuhlola ukusebenza ngendlela okukhona njengamanje. Lesi sigaba siphethe inxanxathela yezikhungo zokulawula, kubandakanya iKhomishani kanye neSigungu sokulamula ngemibango yokuNcintisana, iBhodi kaZwelonke yezokuGembula, iBhodi kaZwelonke yamaLothari kanye noMkhandlu oLawula ukuBolekiswa kweziMali.
Inhloso ye-TEO ngukugqugquzela nokwenza lula intuthuko yezinkampani ukuba zincintisane ngokuqhubekayo ngokuhlinzeka ngokuyikho amaphuzu okunxenxa asebenzayo ngasecaleni lokuhlinzeka ngemisebenzi.
Isigaba sokwakhiwa kwezinxenxo ezintsha sibhekene nokubuyekeza okuqhubekayo kwezinxenxo ezikhona kanye nokwakhiwa kwezinxenxo ezintsha ezifanele ezeseka isu le-dti.
Isigaba sokwakhiwa nokunakekelwa kwamabhizinisi senza lula ukutholakala kwezinxenxo ezinikelelwa yi-dti ngokusungula kanye nokunakekela isizinda sezinkampani ezisizakale ngenxa yezinxenxo ze-dti, kanye nokukhulisa isibalo sezinkampani ezizuza ngazo lezi zinxenxo, ngokuthengisa ngqo ezinkampanini ezincane okanye ezinkampanini ezingancedwa ngosolwazi, kanye nokugcwaliswa kwezicelo kanye namafomu ezibizo. Iphinde isebenzisane futhi iyale izinkampani ezincane ngentuthuko yamabhizinisi azo mayelana nokutholakala kwezinxenxo.
Inhloso ye-TISA ngukuhlinzeka ngombono ophusile kanye nomkhombandlela emikhakheni ebalulekile yokhulisa umnotho, ukwandisa amazinga okungena ngqo kotshalo zimali, kanye nokwakha amandla eNingizimu Afrika okuthengisa izimpahla ezimakethe ezahlukene.
Ngokuhlinzeka abatshali zimali bakuleli nabangaphandle ngemisebenzi ephelele neyiyo yokwenza lula ukutshalwa kwezimali.
Ngokuhlonza, ukuphenya kanye nokugqugquzela amathuba okutholakala kwezimakethe zabathengisi baseNingizimu Afrika abathengisa izimpahla kwamanye amazwe.
Ngokwenza lula ukuthengiswa kwezimpahla ngokuhlanganisa abathengisi bakuleli kanye nabathengi bezimpahla bakwamanye amazwe.
Ngokuthuthukisa osomabhizinisi abathengisa izimpahla ngaphandle ngokubahlinzeka ngosizo lwezimali nalolo olungelona olwezimali.
Ngokuhola intuthuko nokusungulwa kwezinhlelo ezibhekele imikhakha emikhakheni ebekwe phambili yi-dti.
Isigaba seziNhlelo eziBhekele imiKhakha siqukethe izinhlelo zokuthuthukisa imikhakha ebekwe phambili ukwesekela isu le-dti elihlangene lokuKhiqiza kanye nesu likahulumeni lokuguqula umnotho ezingeni eliphansi. Ukuthuthukiswa kwemikhakha kuhlangene nokuhlonzwa kanye nokususwa kwezithiyo ekuthuthukiseni izimboni. Kulesi simo, lokhu kungenziwa nganoma yiyiphi indlela ngaphakathi kwempatho kahulumeni, njengomthetho, ukulawulwa kanye nokukhomba indlela ephusile. Ngakho-ke iqhaza eliphezulu lalesi sigaba ngukuhola nokumisela izinhlelo ezibhekele imikhakha kuyoyoke imikhakha ebekwe phambili yi-dti.
Isigaba sokuThuthukisa nokuGqugquzela ukuthengiswa kwezimPahla ngaPhandle sibhekene nokuthuthukisa nokugqugquzela nokuthengiswa kwezimpahla kanye nemisebenzi yaseNingizimu Afrika kubandakanya ukungenelela ngokubuchwepheshe obuthize mayelana nezeluleko ngokuthengisa ngezimpahla ngaphandle, ukuhlanganisa abathengi nabathengisi kanye nobuhlakani ngezimakethe. Lesi sigaba sihlose ukwandisa ukuncintisana kanye namandla okuthengiswa kwezimpahla emazweni angaphandle kwezinkampani zaseNingizimu Afrika ukuze zikwazi ukuthengisa ezimakethe ezahlukahlukene. Usizo oluhlinzekwayo lungolwemali kanye nolungeyona.
Isigaba sokuGqugquzela kanye nokwenza lula utshalo zimali sibhekene nokuheha utshalo zimali lwasemazweni angaphandle kanye nokugqugquzela utshalo zimali ngabatshali zimali bakuleli nabangaphandle, ngokusebenzisana nabatshali zimali abahlonziwe kanye nokuphucula izinqubomgomo zikahulumeni kanye nezinkambiso zikahulumeni ezinomthelela ohehayo kubatshali zimali ngeNingizimu Afrika.
Inhloso yalolu phiko ngukugqugquzela ukwemukeleka kwemikhiqizo nemisebenzi ye-dti yizakhamuzi ezibambe iqhaza emnothweni ngokwakha isithombe, ngokuhlobisa kanye nokufakelela le mikhiqizo kuthi ngaleyondlela kubekeke i-dti emqondweni wezakhamuzi ezibambe iqhaza emnothweni njengomlingani wazo emnothweni.
Ngokubeka i-dti kanye nethimba le-dti emiqondweni yezakhamuzi ezibambe iqhaza emnothweni njengomlingani wazo entuthukweni yomnotho.
Isigaba sokuphathwa kwesithombe somnyango sibhekene nokubeka kahle inhlangano nemikhiqizo kanye nemisebenzi yayo, sihlinzeka ngesigcawu sokuxoxisana nezakhamuzi ezibambe iqhaza emnothweni, amakhasimende kanye nababambe iqhaza noma labo abanethonya elikhulu (kwezokukhangisa, imisebenzi eyisipesheli, imicimbi kanye nezinkangiso); kanye nokwandisa ukwemukeleka kanye nokutholakala kwemikhiqizo nemisebenzi (izinhlelo zokuhlangana, okungukuthi i-dti Business Express).
Isigaba sokukhangisa ngendlela yokuxhumana sibhekene nokusungula, ukuqondisa, ukuphatha kanye nokuphendula ngezinhlelo zokukhangisa nokuxhumana ezinhlobonhlobo, ezinemixhantela eminingi futhi ezisebenzisa ezokuxhumana ezehlukene ngokuhambisana nesu le-dti elihlangene lezokukhangisa nokuxhumana; ukuphatha amasu asebenzayo okukhangisa nezokuxhumana ukuqinisekisa indlela yokusebenza ebambisene, ukuphucula isithombe somphakathi nge-dti ngokusungula amasu abhekene ngqo nezinhlelo zokuxhumana; ukusungula nokumisela ubudlelwano phakathi kwabaneqhaza abathintekayo, futhi lusungule ezokushicilela ezinhlobonhlobo, futhi luphathe ezokuxhumana ngaphakathi nangaphandle; futhi lusungulue lumisele isu lokukhangisa nokuxhumana nabangaphandle; siqoqele ndawonye, sicubungule futhi sazise ngobuhlakani bokukhangisa.
Isigaba sokuphathwa kokufakelela sibhekene nokusungula iminikelo yokwahlukaniseka kwamabhrendi kanye nokuthengisa imikhiqizo ye-dti, sakhe imizila eqonde ngqo nengaqondile yokulawula izinhlelo nezinkambiso zokuphatha; siphucule izindawo, sakhe isu lokunakekela amakhasimende necebo lokusebenza ukwenza ukuba inhlangano igxile kakhulu ezimfunweni zamakhasimende futhi iphathe ulwazi kanye nohlelo.
Inhloso ye-GSSSD ngukwakha, ngukwenza lula kanye nokumisela izinhlelo zokusebenza kwi-dti yonkana; ukwenza ukuba ithimba le-dti likwazi ukufezekisa izinhlosongqangi zenhlangano kanye nokuphumelelisa ukuhambisana nokulawula nomthetho.
Ukukhangisa okunamandla imisebenzi nezimpumelelo ze-GSSSD.
Isigaba sokuthuthukiswa kwabasebenzi kanye nesikhungo sokufunda sibhekene ngokuhlinzeka ngezinqubomgomo ezisebenza ngokuyikho nokuphusile kanjalo kanye nemisebenzi yokwesekela kwezomphakathi nokukhokhela bonke abasebenzi be-dti siphinde siqinisekise ukuthi indawo yokusebenza iyakuvumela ukulingana kanye nendlela yokuziphatha eyiyo, ngale kwalokho, lesi sigaba sibhekene nokuqinisekisa ukuthi amakhono adingekayo ayahlonzwa, asetshenziswe, athuthukiswe futhi andiswe ukuze kwazeke ukuba kuhlinzekwe ngemisebenzi ngokwesu.
Ihhovisi lesiKhulu esiPhakeme sezoKwazisa libhekene nokuhlinzeka i-dti ngemisebenzi yobuchwepheshe yezokwazisa nokuxhumana, ukuphucula ukusebenza okuyikho nokuphusile kwenhlangano, kanye nokwesekela isu lokusebenza le-dti.
Isigaba sokulawulwa okuhambisana nomthetho kanye nokuphatha ngendlela sibhekene nokuhlinzeka ngemisebenzi yezomthetho kwi-dti kanye nemisebenzi yokulawula izinkontileka nokuphathwa kobungozi.
Ihhovisi elikhulu lesikhulu sokusebenza leseka iphini loMqondisi Jikelele: we-GSSSD ekuhlinzekeni ngokuphathwa kwezimali kanye nokwesekwa kwemisebezi; ukuhambisana nokuphatha ngendlela ezigabeni ze-dti, ukwazeka nokulawulwa kwezinqubomgomo zokusebenza ze-dti, izinhlaka zokuphatha kanye nokuphepha kwe-dti.
IWebhusayidi www.the-dti. gov.
Isigaba-10 soMthetho sibophezela iKhomishani yamaLungelo eSintu ukuba yakhe isiqondiso esiqukethe lolu ulwazi ngazozonke izilimi ezisemthethweni, ngendlela elula futhi ezwakalayo, njengoba kungadingwa ngumuntu ofisa ukusebenzisa yinoma yiliphi ilungelo elibhekelwe nguMthetho. Lesi siqondiso sasifanele ukuba sishicilelwa ngomhla ka-15 Mashi ka-2003. Ngokweziqondiso, uNgqongqoshe wezobuLungiswa nokho usandisile isikhathi kuze kube ngumhla ka-31 ku-Agasti ka-2004 okumele iKhomishani ibe isisiphothule lesi siqondiso.
Lokhu kubandakanya ulwazi olumayelana nezimo zemakethe nezomkhiqizo kanye nezikali eziyinkomba zobukhona balowo mkhiqizo. Leli qoqo lolwazi lihlanganisa imininingwane yezinkampani ezikhiqiza okanye ezithenga ngaphandle imikhiqizo, izinga lokungasatshalaliswa kwaleyo mikhiqizo, inkomba yezimakethe mayelana nemikhiqizo kuzwelonke, esifundeni kanye nasemazweni angaphandle, kanye namaphuzu abalulekile abangela lezo zinkomba.
Lokhu kuqukethe ulwazi mayelana nezivumelwano zohwebo phakathi kwe Ningizumu Afrika namazwe omhlaba kanye nezinye izinhlangano. Ulwazi olubalulekile oluhambisana naleli iqoqo luphathelene nezivumelwano phakathi kwe Ningizimu Afrika namanye amazwe kanye nezifunda zomnotho zangaphandle, imininingwane yesivumelwano ephathelene nemikhiqizo, izinkomba zomnotho kanye nezinkomba zezimakethe kanye namaphuzu abalulekile abangela lezo zimo.
Lolu ngulwazi oluphelele mayelana nezinxenxo ezihlinzekwa yi-dti ezinhlanganweni ngokudluliselwa kobuchwepheshe, ukuthuthukiswa kwezimboni, kanye nokunye. Ulwazi olubalulekile kuleliqoqo luhlanganisa uhlobo lwemboni kanye nemikhiqizo lapho izinxenxo zinikezelwa khona, lapho kutholakala khona izicelo, imininingwane ngezinkampani ezihlomula ngezinxenxo, izimo zezinxenxo kanye nokusebenza kokunikezelwa kwezinxenxo ezinkampanini kulokhu.
Lokhu kubandakanya ulwazi oluhambisana nezimvume ezikhishwa yi-dti izinikeza izinhlangano. Izinhlobo zalezi zimvume ezikhishwayo yizimvume ezinekezwa uma kuthengwa noma kudayiswa izimpahla emazweni angaphandle, izimvume zokuthengisa utshwala kunye nezimvume ezimayelana nemikhiqizo elawulwa ngaphansi komthetho ovimbela ukusabalala kwemikhiqizo. Ulwazi olubalulekile ezimweni zezimvume ngulwazi lwenkampani, ulwazi ngomkhiqizo kanye nomkhawulo omiselwe izimpahla ezingenayo neziphumayo emazweni angaphandle okuhambelana nemikhiqizo evumelekile.
Lokhu kubandakanya izintela ezikhona nezakudala zakho kokubili ukuthenga nokudayiswa kemikhiqizo emazweni angaphandle. Ulwazi lumayelana nezivumelwano zohwebo phakathi kweNingizimu Afrika namanye amazwe, kanye naphakathi kwamazwe angaphandle.
Lolu lwazi lumayelana nokusethenzwa kwezimali kanye nemibiko phakathi kwe-SARS, SARB kanye ne-dti. Lokhu kubandakanya ukusetshenzwa kwezimali yizinkampani, imali yangaphandle etholwa yizinhlangano ukuthenga izimpahla emazweni angaphandle kanye nentela i-VAT nezibalo zenzuzo zezinhlangano ezibhalisile.
Leli qoqo ligxile kulwazi olumayelana nokuphathwa kanye namabhuku angaphakathhi e-dti nezigaba zayo. Lolu hlobo lolwazi olufakwe kuleli qoqo ngamasu ebhizinisi kanye nemali esetshenziswa nguphiko kanye nombiko ngenqubekela phambili, inkambiso, izinqubo kanye nolwazi lwenqubomgomo yangaphakathi ye-dti.
Ulwazi lokuphathwa kwezokuxhumana lubandakanya ulwazi ngabo bonke abanezabelo kanye namakhasimende kanjalo nobudlelwano i-dti enabo nalabo. Izicelo, isimo sezicelo kunye nezikhalazo eziphakanyiswa yikhasimende kanye nabanezabelo kuzogcinwa njenge ngxenye yolwazi lokuxhumana.
Lokhu kubandakanya ulwazi ngezimali ze-dti olunjengesabelo sezimali, ukusetshenziswa kwemali uma kuqhathaniswa nesabelo, kanye nesimo sezinxenxo ezabelwe imali uma kuqhathaniswa nezinxenxo uqobo noma iminikelo ekhishwa yi-dti. Lolu lwazi luhambelana ngqo nakho kokubili amaholo kanye nemisebenzi yokuthola izinsiza nemisebenzi. Ulwazi lokuthuthukisa abasebenzi lumayelana namaholo, ilivu, amakhono, kanye namasu okuthuthukisa abantu, kanjalo nezinhloso zabantu kanye nokusebenza kwabo uma kuqhathaniswa nazo.
Leli qoqo libandakanya ulwazi mayelana nabahlinzeka ngamakhono kanye nemisebenzi ye-dti kanye nemumo ngokwe-BEE walezo zinhlangano okanye labo bantu. Lolu lwazi lwenza ingxenye lolwazi lokutholakala kwemisebenzi nezinsiza.
Lolu lwazi lumayelana nezinqumo ezenziwe kanye nemiphumela elandelayo emva kwalokho ngaphakathi kwezigaba kanye nezingxenye ze-dti. Uhlobo lolwazi olufakwayo kuleli qoqo luba yizethulo ezitholakele, umuntu lapho okutholakale kuye isethulo, Isigaba noma abantu izethulo ezanikezelwa kubo, usuku ukunikezelwa okwenziwe ngalo, impendulo kanye nosuku lokhu okwenzeka ngalo.
Lolu ngulwazi olumayelana nezinhlelo nemisebenzi yentuthuko eyehlukahlukayo ekhokhelwa ngabanikeli zimali, izinhlelo ze-dti zemicimbi ehlelwa yi-dti. Lokhu kubandakanya ukuhlela, ukwaba izimali, ukuqapha, okulindelwe ukutholwa kanye nemininingwane yemiphumela.
I-dti iphethe uxhaxha lwemithetho ephathelene nezohwebo nezezimboni, ezokulawula nezinqubomgomo. Ukwengezelela lapho, i-dti inamarekhodi amacala asemthethweni aphathelene namaphuzu ezohwebo nezezimboni ezehlakalo esifundeni nasemazweni angaphandle.
I-dti yenza uphenyo nokuhlola ngenxa yamaphuzu ocwaningo lwenqubomgomo, izikhalazo zamakhasimende kanye nezicelo zabezimboni. Ulwazi olwenza ingxenye yaleli qoqo lubandakanya uhlobo lophenyo/lokuhlola, inqubo ngohlobo lophenyo/lokuhlola, umphenyi obekiwe kanye nokutholakele.
Ziningi izinqubomgomo eziphathelene nohwebo, ezezimboni, umnotho kanye nezingxenye zenhlala kahle nomnotho eziphoqelela izenzo kanye nokugxambukela kwe-dti.
Zonke izinkampani zihlukaniswa phakathi kwamathimba ezimboni kanye nemikhakha ukumunya ubuhlakani bezomnotho. Izinkampani zethula imibiko yonyaka emayelana nezimali kanye nezintela nezisetsenziswa ukuhlanganisa izibalo zomnotho.
Njengoba kulayelwe ngokoMthetho, isamba semali esingu-R35.00 kumele ihambisane nesicelo ngolwazi uma ingaphumi kulowo ocelayo siqu.
Isikhulu solwazi se-dti samukela futhi siqinisekise isicelo ukubona ukuthi ngabe ulwazi olucelwayo lukhona yini e-dti. Emva kwalokhu isicelo siyamukelwa, sichithwe noma sindluliselwe kubagcini bolwazi olusuke lufuneka kubo. Isiqiniseko sokutholakala kwesicelo sibe sesithunyelwa kulowo ocelayo ukuze azi ngesiqiniseko ngesimo sesicelo.
Uma isicelo sivunyiwe, i-dti izohlanganisa futhi ilungise ulwazi bese ibala izindleko ezifanele. (Bheka isigamu-8.2).
Lowo ocelayo uzobe eseyatshelwa ngokuphothulwa kwesicelo kanye nenkokhelo eyofanelwe ukukhokhwa e-dti.
Uma inkokhelo njengokusho kwesinyathelo sesine, (kulandelwa indlela yokukhokha eshiwo kwisinyathelo sokuqala), ulwazi lube selukhishelwa lowo ocelayo.
Umuntu ofisa ukuthola imvume yamarekhodi agcinwe yi-dti kumele agcwalise ifomu yesicelo equkethwe kwiFomu-A yesiJobelelo-B elawulwa yiziqondiso ngaphansi koMthetho, futhi nequkethwe yisiJobelelo-A salomqulu.
Noma ngabe yisiphi isicelo, siyocutshungulwa ezinsukwini ezingu-30 emva kokutholakala kwaso, ngaphandle-ke uma lowo ocelayo eshi izizathu ezithizeni ezizokwenelisa isikhulu solwazi ukuthi isimo siphoqelela ukuthi lezizikhathi ezingaphezulu kungahanjiswa ngazo. Isikhathi esiyizinsuku ezingu-30 lapha i-dti kumele inqume ukuthi inganiki noma inqabele isicelo, singandiselwa ikhashana esithe xaxa esingandluli izinsuku ezingu-30 uma isicelo singosolwazi oluningi, okanye isicelo sifuna ukucingwa kolwazi olugcinwe ngelinye ihhovisi lesikhungo futhi ulwazi lungeke lwatholakala kalula ngaphakathi kwesikhathi sokuqala sezinsuku ezingu-30. I-dti izokwazisa lowo ocelayo ngencwadi uma kudingeka ukuba isikhathi sandiswe.
Uma isicelo senziwe esikhundleni somunye umuntu, lowo ocelayo kumele athumele ubufakazi besikhundla lowo ocelayo asenza ngaphansi kwaso ukuze kwaneliseke isikhulu solwazi.
Uma umuntu engakwazi ukugcwalisa lefomu ebekiwe ngenxa yokuthi akafundile noma ukuthi ukhubazekile, lomuntu engenza isicelo ngomlomo. Isikhulu solwazi se-dti sizobe sesinciphisa leso sicelo somlomo ngokubhala efomini eliyilo, ebese sinikezela ikhophi kulowo ocelayo.
Inkokhelo yesicelo, okuyinkokhelo ekhokhwa nguwonkewonke, hhayi eyalabo abazicelelayo; kanye.
Inkokhelo yemvume, ebalwa ngokuhlanganisa ukubhekelela izindleko zokukhiqiza, ukucinga kanye nesikhathi sokuhlela, kanjalo nezindleko zokuposa.
Sicela ukuba lowo ocelayo akhokhe inkokhelo ebekiwe ngaphambi kokuba kucwaningwe isicelo sakhe.
Uma ukufunwa kwerekhodi sekuphothuliwe futhi nokulungiswa kwerekhodi ukuba lingavezwa, kuhlanganisa amalungiselelo okuliveza ngendlela efunwa ngayo, kudinga amahora angaphezulu kwalawo abekiwe eziqondisweni ngalomsebenzi, isiKhulu soLwazi siyokwazisa lowo ocelayo ukuba akhokhe njengediphozithi ingxenye yenkokhelo yemvume ebekiwe neyokhokhwa uma isicelo sivunywa.
IsiKhulu soLwazi siyogcina irekhodi kuze kube lowo ofake isicelo useyikhokhile inkokhelo njengoba kushiwo kwisiGaba-8.2.1.
Lowo ofake isicelo, osicelo sakhe sokutholakala kwamarekhodi sesivunyelwe, kufanele akhokhe inkokhelo yokuvunyelwa ukuba abone amarekhodi ukuze akopishwe, acingwe aphinde ahlelwe, nanoma ngasiphi isikhathi esisetshenziwe ngaphezu kwaleso esibekelwe ukucinga kanye nokuhlela irekhodi ukuze livezwe, kubandakanya namalungiselelo okuba litholakale efomini yesicelo.
Uma isicelo senqatshelwa emva kokuba idiphozithi seyikhokhiwe mayelana nesicelo semvume kumarekhodi, leso siKhulu soLwazi siyoyibuyisela idiphozithi kulowo obefake isicelo.
Ukuposa kwempela kunga khokhwa uma ikhophi yerekhodi kumele iposelwe lowo ocelayo.
Izindleko zokuposa zincike kwintela ehambisana nalapho ithunyelwa khona.
Ukuvikela okuphoqelekile kwesithunzi sowesithathu okungaba ngumuntu, okungabandakanya ukuvezwa ngokunganaki ulwazi ngomuntu yena qobo.
Ulwazi oluvezwe njenge mfihlo esikhungweni ngowesithathu, uma ukuvezwa kwaloko kungabeka lowo wesithathu ebubini ezingxoxweni noma ekuncintisaneni kwezomnotho.
Ukuvikela okuphoqelekile kolwazi oluyisifuba kwabesithathu uma luvikelekile nganoma yisiphi isivumelwano.
Ukuvikela okuphoqelekile kokuphepha kwabantu kanye nokuvikeleka kwempahla.
Ukuvikela okuphoqelekile kwamadokodo amaphoyisa uma kwenziwa inqubo yebheyili, kanye nokuvikela ukugcinwa komthetho nezinqubo zomthetho.
Ezokuvikela, ezokuqapha kanye nobuhlobo namazwe omhlaba neRiphabhuliki.
Uhlelo lwekhompuyutha oluphethwe yisikhungo, noluvikelwe ngamalungelo okushicilela.
Ukuvikela okuphoqelekile kolwazi mayelana nocwaningo lwesikhungo noma lowesithathu, futhi uma ukuvezwa kwalo kungaveza ukuthi yisiphi isikhungo, umcwaningi okanye udaba olucwaningwayo, futhi kungabeka ucwaningo ebubini obukhulu.
Ukusebenza kohlaka lomphakathi.
Umnako womphakathi ekuvezweni kwerekhodi uyakwedlula ukulimazeka kwalokho okungalindelwa ngokukhipha lelo rekhodi.
Izicelo zolwazi ezingenasidingo noma ezidala uchuku noma ezibangela ukusaphazwa kwezinsiza ngokungenasidingo.
Owesithathu angadlulisela isikhalazo sakhe ngesinqumo sesiKhulu soLwazi sokwenqabela ukunikeza imvume.
Uma kwenzeka, kumele kuhambisane nenkokhelo emiselwe futhi anikezele ngekheli leposi okanye inombolo yefeksi.
Uma ukudluliselwa kwesikhalazo kwenziwa emva kwesikhathi esibekiwe, isikhulu esiyiso kufanele, ngezizathu ezizwakalayo, sikuvumele ukufakwa kwesikhalazo esesedlulelwe yisikhathi.
Uma leso sikhulu esifanele sikunqabela ukudluselwa kwesikhalazo osokwendlulelwe yisikhathi, kumele sazise ngaleso sinqumo kulowo obenza isikhalazo.
Ocelayo uma edlulisela isikhalazo kumele akhokhe inkokhelo ekhokhwa makwedluliselwa isikhalazo (uma ikhona).
Uma inkokhelo leyo efanele ikhokheka mayelana nokwedluliselwa kwesikhalazo, isinqumo ngokwedluliselwa kwesikhalazo singahlehliswa noma sigcinwe kuze kukhokhwe leyo nkokhelo.
Uma isikhalazo siphathelene nokwenqatshelwa okanye ukunikezwa kwemvume, igama, ikheli leposi, ucingo kanye nenombolo yefeksi noma ikheli le-email, noma ngabe yikuphi okukhona, kulowo wesithathu angaziswa ngakho ngesicelo.
B. Imininingwane yomuntu ocela imvume yokuthola irekhodi a Imininingwane yomuntu ocela imvume yokuthola irekhodi kumele inikezwe ngaphansi.
b Ikheli noma inombolo yefeksi kuRiphabhuliki lapho ulwazi kumele luthunyelwe khona, kufanele kunikezwe.
c Ubufakazi besikhundla, uma kukhona, kumele kufakwe.
Amagama nesibongo okuphelele:...
Lesi sigaba kufanele sigcwaliswe KUPHELA uma isicelo solwazi senziwa esikhundleni somunye umuntu.
Amagama nesibongo okuphelele:...
D. Imininingwane yerekhodi a Hlinzeka ngemininingwane ephelele yerekhodi isicelo semvume esenziwe ngalo, kubandakanya nenombolo yenkomba uma uyazi, ukwenza ukuba irekhodi itholakale.
b Uma isikhala esihlinzekiwe singenele, uyacelwa ukuba uqhubekele ekhasini elihlukile bese ulifaka kule fomu. Ocelayo kumele asayine wonke amaphepha okunezelela.
Incazelo yerekhodi okanye yengxenye efanele yerekhodi:...
Inombolo yenkomba, uma ikhona:...
Noma yimiphi eminye imininingwane yokwenezelela yerekhodi:...
E. Izinkokhelo a Isicelo semvume sokutholakala kwerekhodi, ngaphandle kwerekhodi eliqukethe ulwazi lomuntu ngezinkampani, siyocutshungulwa kuphela uma inkokhelo ekhokhwayo seyikhokhiwe.
b Uyokwaziswa ngesamba okufanele usikhokhe njengenkokhelo yesicelo.
c Inkokhelo engakhokhwa ukuthola imvume kumarekhodi yencike endleleni lelo rekhodi elifuneka lingayo futhi nesikhathi esikahle esidingekayo uma kucingwa futhi kulungiswa irekhodi.
d Uma ukulungela ukuthi ungakhokhi, noma ngabe yiyiphi inkokhelo, uyacelwa ukuba usho izizathu ezenza kungadingakali ukuba ukhokhe.
Uma unqatshelwa ngukukhubazeka kokungakwazi ukufunda, ukubona okanye ukulalela irekhodi efomini yemvume yokutholakala kolwazi ehlinzekwe ku-1 kuya ku-4 ngaphansi, shono ukukhubazeka kwakho futhi ukhombise ukuthi kungayiphi indlela ofuna irekhodi libe ngayo.
Khombisa ibhokisi elifanele ngesiphambano (X).
a Ukuhambisana nesicelo sakho semvume kwencike endleleni irekhodi elitholakala ngayo.
b Imvume endleleni eceliwe kungenzeka yenqatshelwa ngezizathu ezithize. Esimweni esinjalo uzobikelwa uma imvume izonikezwa ngenye indlela c Inkokhelo ekhokhwayo ukuthola imvume ngerekhodi, uma ikhona, izoncika ekuthini imvume leyo itholakala ngandlela yiphi.
Uma ucele ikhophi okanye isihumusho serekhodi (ngaphezulu), kungabe uyafisa ukuba ikhophi okanye isihumusho siposelwe kuwe na?
Yiluphi ulimi irekhodi ongafisa ukuba ibe ngalo?
Uzokwaziswa ngokuthi ubhalelwe ukuthi isicelo sakho sivunyiwe / sinqatshiwe. Uma ufisa ukubikelwa ngenye indlela, uyacelwa ukuba usho indlela oyifisayo futhi uhlinzeke imininingwane efanele ukuze kwazeke ukuhambisana nesicelo sakho.
Ungathanda ukubikelwa kanjani ngesinqumo esimayelana nesicelo sakho semvume ngokutholakala kwerekhodi na?
B. Imininingwane yocelayo / umuntu wesithathu ofaka isikhalazo ngaphakathi a Imininingwane yomuntu ofaka isikhalazo kumele inikezwe ngaphansi.
b Ubufakazi besikhundla salapho lapho isikhalazo sifakwe khona, uma bukhona, kumele kufakwe.
c Uma lowo ofaka isikhalazo kungumuntu wesithathu okungeyena umuntu owayefake isicelo phambilini, imininingwane yalowo owakade ecelile kumele inikezwe ngaphansi ku-C.
Amagama nesibongo okuphelele:...
Isikhundla lapho ukudluliselwa kwesikhalazo ngaphakathi sifakwa ngomunye umuntu:...
Lesi sigaba kumele sigcwaliswe KUPHELA ngumuntu wesithathu (ngaphandle kwaloyo ocelayo) efaka ukwendlulisela isikhalazo.
Amagama nesibongo okuphelele:...
Uma isikhala esihlinzekiwe singenele, uyacelwa ukuba uqhubeke ekhasini elihlukene bese uyalihlanganisa nefomu. Kumele uwasayine wonke lamakhasi anjena.
Yisho izizathu zokwedluliselwa kwesikhalazo.
Uzokwaziswa ngokuthi ubhalelwe ngesinqumo sangaphakathi sokudlulisela isikhalazo. Uma ufisa ukubikelwa ngandlela thize, uyacelwa ukuba uyisho indlela bese uhlinzeka ngemininingwano ukuze kwazeke ukuhambisana nesicelo sakho.
Ukudlulisela isikhalazo kutholwe ngo (usuku) ngu... (yisho isikhundla, igama kanye nesibongo sesikhulu solwazi).
Ukudlulisela isikhalazo okuhambisana nezizathu zesinqumo sesikhulu solwazi / iphini lesikhulu solwazi futhi, uma zikhona, imininingwane yowesithathu othintekayo mayelana nerekhodi, sinikezelwe yisikhulu solwazi / iphini lesikhulu solwazi ngo(usuku) sakwedlulisela esikhulwini esifanele.
Ngokusayina leli phepha lokuphatha, ngiyaqinisekisa ukuthi ngiyavumelana nokuhunyushwa u-0.
Kwandiswe ngesigaba-3 (Okungabalwanga); Isigaba- 4.4 esilungisiwe (imisebenzi ehlinzekwe yi-dti). Igama elishintshile leSikhulu soLwazi.
